Izizathu ezingu-10 zokusebenzisa i-Ayoba

Ukusetshenziswa Kwamahhala

Ayoba ungayisebenzisa mahhala. Udinga idatha ukuthumela imilayezo namafayela koxhumana nabo, kodwa amanye amanethiwekhi (isib. MTN) anganikeza le datha mahhala futhi.

Ukwabelana Ukukhathalelana

Yabelana ngamavidiyo, izithombe, umsindo, namanye amafayela kulabo othintana nabo.

Ukuxhuma Okusheshayo

Sebenzisa ibhuku lakho lekheli elikhona ukuze kube lula futhi kusheshe ukuxhuma nalabo oxhumana nabo.

Izingcingo

Yenza izingcingo ngaphakathi kwi-app usebenzisa uxhumano lwezwi lakho.

Qalisa Ingxoxo Manje

Thumela ngokushesha bese wamukela imiyalezo nemilayezo yezwi kunoma ngubani koxhumana nabo.

Qaphela

I-End-to-end encryption isho ukuthi imiyalezo engxoxweni ayikwazi ukufundwa yinoma ubani omunye.

Xoxa Nabantu Bonke

Thumela imiyalezo ye-SMS nanoma ubani ohlwini lwakho loxhumana nabo, kungakhathaleki ukuthi bafake i-Ayoba noma cha.

Asihlangane

Yabelana ngemininingwane yendawo okuyona njengamanje naba xhumani bakho be-Ayoba.

Ingxoxo Yeqembu

Kungcono sibaningi! Setha izingxoxo zeqembu ukuze kube lula ukuxhumana nabangani nomndeni kwingxoxo eyodwa.

Ukudlulisela Imali

Yenza futhi wamukele izinkokhelo nge-Mobile Money (iza maduzane)

Mayelana nathi

Ayoba yi-App entsha yokuxhumana ngemilayezo mahala ngokushesha,

ikhandelwe i-Afrika ngama-Afrika amahle.

Noma ngabe i-Afrika yizwekazi elilodwa, liyikhaya lamasiko ahlukahlukene. Sigubha sijabulele ukuhlukahlukana kwezwekazi laseAfrika ngokunikeza ezokuxhumana ezaziwa amazwe onke futhi eziveza izidingo nezifiso zezwe lethu eAfrika.

Kusukela kuqala, i-Ayoba ifake inqubo evikela imininingwane yabayisebenzisayo igcineke iyimfihlo. Okusho ukuthi akekho omunye umuntu okwazi ukufunda imilayezo yakho, ngisho nethimba lakwaAyoba imbala alikwazi ukuyifunda.

Ubuchwepheshe obusentshenzisiwe kukuvumela ukuthi ukwazi ukuxhumana nanoma ubani onocingo uma usebenzisa iApp yakwa Ayoba ngisho yena engenayo iApp.

Okwamanje iApp yakwa Ayoba itholakala kunoma ubani umuntu osebenzisa iAndroid (ezinye izinhlobo ziyeza maduze). Phezu kwalokho, sinobudlelwano obuphucile neMTN, okusho ukuthi sikwazi ukuphisa mahala* iData yakwaAyoba nawo wonke umuntu wakwaMTN uma besixhuma ngemiyalezo, bethumela izithombe namaVideo, njalo njalo… Ngaphezu kwalokho, konke ukuxhumana phakathi kwaAyoba noMTN kumahala* ngisho ngabe abasebenzisi iApp.

Yini elandelayo kwaAyoba?

Sinemikhakha embalwa emnandi esiyilungiselele ukuyidedela ezinyangeni ezimbalwa ezizayo njengoba silula imikhiqizo yethu ezweni lonke laseAfrika. Okubalwa kukhona ukukwazi ukuthumela imali kubaxhumani bakwaAyoba noma ngabe bakuphi ezweni laseAfrika. Lokhu kwenzeka ku-Mobile Money.