Qalisa / Ukuqalisa
Ezokweseka
Uma udinga usizo noma ufuna ukuxhuma nethimba lakwa-Ayoba, sicela uye ku
Ukwethula Nokufakwa
Ngiyethula kanjani i-Ayoba?
- Ayoba.me/download – (i-data yamahhala); noma
Ungavakashela i-website yakwa-Ayoba ukuze wethule i-app nganoma isiphi isikhathi. Uma ungumsebenzisi we-MTN uzokwazi ukwethula i-Ayoba mahhala, ngaphandle kokusebenzisa i-data yakho.
- Google Play store
Ungakwazi ukuphinde wethule i-Ayoba ku-Google Play Store. Vele uvule i-Play Store, ucinge i-Ayoba bese uyayethula ukuze uqale usebenzise i-Ayoba.
Ngiyibuyekeza kanjani i-Ayoba?
Ayoba ingabuyekezwa ku-Google Play Store noma
I-Ayoba App okwamanje itholakala kuphela ezingcingweni ezisebenzisa i-Android (ezinye izebuyekezo ziyeza maduzane!). Ukubuyekeza, iya ku-Google Play Store, bese ucofa Menu > My apps & games.
Cofa u-UPDATE eduze kuka‘Ayoba! Imilayezo Yamahhala Ngokushesha’.
Ngenye indlela, iya ku-Play Store bese ucinga i-Ayoba. Cofa u-UPDATE ngaphansi kuka‘Ayoba! Imlayezo Yamahhala Ngokushesha.’
Kwi-website ka-Ayoba
Ungakwazi ukuphinde ubuyekeze i-Ayoba app yakho kwi-website yethu, vele uvakashele Ayoba.me/download
Uyifaka kanjani kabusha i-Ayoba?
Ukuze uyifake kabusha i-Ayoba app, kumele uqale uyisuse ocingweni lakho. Ngaphambi kokuba wenze kanjalo, sisikisela ukuthi wenze isipele sezingxoxo zakho. Vele ucofe i-menu button, bese ukhetha u-Settings, bese ucofa ku-Maintenance bese ukhetha u-Chat Backup.
Lokhu kuzogcina izingxoxo zakho ngokuphepha kwi-Cloud, kuphinde kukuvumele ukuthi ukwazi ukuthola umlando wezingxoxo zakho uma kudingeka. Qaphela ukuthi ama-backups awagcinwa ekwi-device yakho, ngakho uzodinga ukuxhumeka kwi-internet ukuze wenze i-backup.
Sicela ulandele lezi zinyathelo ukususa uphinde ufake i-Ayoba:
Inketho 1:
- Thinta ubambe i-icon ka-Ayoba kwi-Home Screen aze aqala ukunyakaza ama-icon
- Cofa u-X ekhoneni le-icon ka-Ayoba
- Cofa u-Delete ukususa i-application kanye nayo yonke i-data yakhona
- Cofa i-Home button
- Yethula kabusha i-Ayoba ku-Google Play Store.
- Buyisela i-Chat Backup yakho ngokucofa i-menu button, bese ukhetha u-Settings, bese ucofa ku-Maintenance bese uketha u-Chat Backup, bese uyabuyisela.
- Ungakwazi nokuvakashela i-website ka-Ayoba ukuze wethule i-app nganoma isiphi isikhathi.
- Uma ungumsebenzisi we-MTN uzokwazi ukwethula i-Ayoba mahhala*, ngaphandle kokusebenzisa i-data yakho.
*Ngesikhathi sephromoshini kuphela.
Inketho 2
- Thinta ubambe i-icon ka-Ayoba kwi-Home Screen bese uyayidonsa uyidedele emgqomeni/emgqomeni wokukhipha
- Khetha ukukhipha ukuze uqinisekise ukusula ukuze ususe i-application kanye nayoyonke i-data yakhona.
- Cofa i-Home button
- Yethula kabusha i-Ayoba ku-Google Play Store.
- Buyisela i-Chat Backup yakho ngokucofa i-menu button, bese ukhetha u-Settings, bese ucofa ku-Maintenance bese uketha u-Chat Backup, bese uyabuyisela.
- Ungakwazi nokuvakashela i-website ka-Ayoba ukuze wethule i-app nganoma isiphi isikhathi.
- Uma ungumsebenzisi we-MTN uzokwazi ukwethula i-Ayoba mahhala*, ngaphandle kokusebenzisa i-data yakho.
*Ngesikhathi se-promotional
Ukuqinisekiswa
Ngiyaqinisekisa kanjani i-nombolo yami?
Uma usuyethulile i-app, ivule bese ulandele lezi zinyathelo:
- Faka igama lakho eliphelele
- Khetha izwe lakho ku-drop-down list. Lokhu kuzogcwalisa i-code yenombolo yocingo yezwe lakho ngokuzenzakalelayo
- Faka inombolo yakho yocingo ebhokisini elingezansi
- Cofa u-verify ukuze ufake isicelo se-code
- Faka i-code enezinombolo eziwu-6 ozoyithola nge-SMS
Angiyitholanga i-code enezinombolo eziwu-6 nge SMS
- Linda i-countdown timer ize iqede bese ukhetha u-Send SMS futhi.
- Ungayiqageli i-code, ngoba uzovalelwa ngaphandle kwi-account yakho isikhathi esithize. Le indlela yokuqinisekisa ukhuphepha ngokuvimba ukuthi i-account yakho ingafinyelelwa omunye umuntu.
Uma izinkinga ziqhubeka, sicela uzame lokhu okulandelayo:
- Qala kabusha ucingo lakho (Ukuqala kabusha ucingo lakho, lucishe, ulinde imizuzwana ewu-30, bese uyayivula futhi).
- Susa bese uphinde ufaka kabusha isibuyekezo zakamuva sika-Ayoba.
Ngingakwazi ukusebenzisa i-Ayoba kuma-device amabili?
I-account yakho ya-Ayoba ingakwazi ukuqinisekiswa ngenombolo eyodwa kwi-device eyodwa. Uma unocingo olufaka ama-SIM amabili, sicela uqaphele ukuthi kumele ukhethe inombolo eyodwa ukuqinisekisa ne-Ayoba. Ayikho inketho yokuba ne-Ayoba account ngezinombolo ezimbili.
Kumele yini ngiphinde ngibhalise uma ngikhiphe ngaphinde ngafaka i-app?
Cha akumele. Udinga kuphela ukwethula i-Ayoba ku-Google Play Store futhi noma ku-Ayoba.me/download. Faka igama lakho, ukhethe izwe lakho ku-drop-down menu, ufake inombolo yakho yocingo bese ukhetha ‘Qinisekisa’.
Qaphela: uma wakhe isipele somlando wezingxoxo zakho ngaphambi kokususa i-app nokuyifaka futhi, umlando wezingxoxo zakho uzobuyiselwa ngokuzenzakalelayo.